Isolezwe: Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4453150

June 13, 2008 Edition 1

Abasemijondolo sebefake uHulumeni enkantolo

S'CELO KHUZWAYO

INHLANGANO ebhekelele amalungelo abantu abahlala emijondolo, Abahlali Basemijondolo KwaZulu-Natal, isifake amaphepha enkantolo eNkulu yaseThekwini ngenhloso yokuthi kuchithwe umthetho ophasiswe wuMnyango wezeziNdlu okuhloswe ngawo ukulwa nokuvumbuka kwemijondolo, i-Prevention and Elimination of Re-emergence of Slums.

UMengameli wale nhlangano, uMnuz S'bu Zikode, utshele Isolezwe izolo ukuthi abameli babo sebemi ngomumo, njengoba sebewa-fakile amaphepha enkantolo ePhakeme yaseThekwini, wathi uma kungukuthi bayahluleka kule nkantolo bazimisele ukuhamba ibanga elide.

"Uma singaphumeleli sizoludlulisela eNkantolo yoMthetho-Sisekelo lolu daba ngoba sinenkolelo yokuthi lo mthetho uphambana nama-lungelo abantu abekwe kuMthetho-Sisekelo futhi awusihloniphi isithunzi somuntu," kusho uZikode.

UZikode uthe yize benga-phikisani nokuthi kulawulwe ukwakhiwa kwemijondolo, kodwa bafuna ukuthi uma umuntu ekhishwa emjondolo afakwe endlini, angalindiswa komunye umjondolo njengoba ethi kunemijondolo ebizwa ngokuthi ngama-Transit Camps okumele umuntu alinde kuyo uma 'esekhishwe' emjondolo wakhe.

Lo mthetho ugunyaza omasipala ukuthi babale imijondolo bese bevimbela ukwakhiwa kweminye emisha.

Okhulumela uMnyango wezeziNdlu KwaZulu-Natal, uMnuz Lennox Mabaso, uthe inhloso ngqangi yalo mthetho wukuvimbela ukuvumbuka kabusha kwemijondolo, wathi njengohulumeni bayakwemu-kela ukuthi uma kukhona abangenelisekile ngalo mthetho bathathe izinyathelo.

Uthe nabo sebekulungele ukubhekana naBahlali Basemjondolo enkantolo.

Reply

The content of this field is kept private and will not be shown publicly.