Isolezwe: Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4612884

Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

September 16, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUSHUBE isimo eSiyanda, KwaMashu, eThekwini, izolo ngesikhathi abantu abahlala emijondolo yakule ndawo besho ukukhipha ngenkani abantu abebezofakwa ezindlini zomxhaso eziseKhulula ngase-Newlands West.

Amalungu omphakathi abedinwe eveva, ekhuza iziqubulo ezikhombisa ukungahambisani nokufakwa kwalaba bantu ezindlini, bebebabaza ukuthi bona namanje basahlala emijondolo, basalindile kodwa kukhona asebethola izindlu.

Ilungu lekomidi lomphakathi, uNksz Thembi Zungu, uthe kulezi zindlu bekufanele kungene bona njengoba besuswa emijondolo ababekwe kuyo okwesikhashana ngenxa yokwakhiwa komgwaqo onguthelawayeka kule ndawo.

“Abanye ababenemijondolo lapha kwa-C sebayiswa eMount Moriah (ngasePhoenix), thina esibalelwa ku-60 sasala kwathiwa uma sekuphele izindlu lezi eziyizitezi ezakhiwa ngaphansi kwe-project iKhulula yithina esizongeniswa kuzo,” usho kanje.

Uthe abazi ukuthi laba bantu asebezofakwa kulezi zindlu basuswaphi.

“Thina besisalindele ukuthi kubizwe umhlangano womphakathi, ikhansela lisitshele ukuthi ngobani abazongena ezindlini,” kusho uNksz Zulu.

Omunye ongene endlini yakhe izolo uNkk Keslina Zulu (69) uthe yena akayithenganga indlu kodwa kuyilungelo lakhe ukuthi ayithole njengoba eseyilinde iminyaka emibili.

“Sakhishwa eSiyanda kwa-B ngoba kuqedwa imijondolo sayiswa kwa-A emathinini lapho besifihle khona amakhanda kuze kube sithola izindlu,” usho kanje.

Uthe yize nazo lezi zindlu abathuthelwe kuzo zincane ayikho into abazoyenza ngoba bahluphekile.

Ikhansela laku-Ward 11, uMnuz Mduduzi Madondo, lithe laba bantu bangene kulezi zindlu ngokusemthethweni. “Kwaba khona isivumelwano sokuthi ingxenye yabantu ababehleli emathinini bazongeniswa kulezi zindlu uma seziphelile,” usho kanje

Ikhansela laku-Ward 41, uMnuz Linda Xaba, uthe uxakekile esezwa kuthiwa kukhona abantu abangene kulezi zindlu ngoba wazi ukuthi bekuzongena laba bantu abangu-60 abazosuswa ezindaweni zabo ngenxa yokwakhiwa komgwaqo.