Isolezwe: I-ANC igxeka abaseMacambini

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4728199

I-ANC igxeka abaseMacambini

November 24, 2008 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

INHLANGANO ye-ANC KwaZulu-Natal isigxekile isenzo sokukhonjwa ngenjumbane kwesikhulu esiphezulu ehhovisi likaNdunankulu uMnuz Sbu Ndebele ngesikhathi siyoxoxisana nomphakathi waseMacambini mayelana nezikhalazo zawo ngokuhlo-ngozwa ukususwa endaweni ngenxa yentuthuko ka-R44 billion.

USolwazi Musa Xulu ngoLwesihlanu kubikwa ukuthi ubehambele eMacambini kanti umphakathi kuthiwa ubufuna ukumudla luhlaza ukhala ngokuthi uzodukisa izwe, wathi ufuna uNdebele azifikele mathupha ukuzobonisana nawo.

UKhongolose uthi akumele abasebenzi bakahulumeni baphazanyiswe ngoba basuke bethunywe khona ukuzozwa izikhalazo zabantu nokungeneliseki kwabo.

UMxhumanisi we-ANC nabezindaba, uNksz Nomfundo Mcetywa, uthe kumele umphakathi ube nendlela yokwazi ukubuka izikhalazo zawo.

“Siyakugxeka ukuphazanyiswa kwezikhulu zikahulumeni uma zenza umsebenzi wazo. Ziyezwakala izikhalazo zomphakathi kodwa kumele ube nendlela ekahle yokuzibeka ngoba izikhulu zisuke ziyozwa bona ukuthi bathini,” kusho uNksz Mcetywa.

Kumanje sekuqubuke ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kukahulumeni wesifundazwe nomphakathi wakule ndawo engaphansi kwenkosi uKhayelihle Mathaba kulandela uhlelo oluhlongozwayo lwenkampani iRuwaad yeziqumama zaseDubai.

Okubuye kwabhebhezela lokhu wukufaka kukaNdebele uMathaba enkantolo ngoba ekhala ngokuthi wamkhuluma kabi ohlelweni lwezingxoxo oKhozini FM.

UMathaba ukuqinisekisile ukuthi uwatholile amaphepha ayisimangalo wathi naye lolu daba useludlulisele kubameli bakhe.

Ngakolunye uhlangothi okhulumela i-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Sbu Nkwanyana, uthe okwenziwe wuNdebele kusakhombisa ukuwuthatha kancane umphakathi, wathi bekumele aziyele mathupha kule ndawo.

Okhulumela uNdunankulu, uMnuz Logan Maistry, uthe akuthintwe uMqondisi Jikelele kuhulumeni wesifundazwe, uDkt Kwazi Mbanjwa, ukuze aphawule kodwa wagcina engatholakalanga.