Isolezwe: AMacambi athi azovala umgwaqo u-N2

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4733790

AMacambi athi azovala umgwaqo u-N2

November 27, 2008 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

UMPHAKATHI waseMacambini ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal usunqumele uNdunankulu, uMnuz Sbu Ndebele, ugwayi katiki lapho uthi akahoxise uhlelo lwentuthuko oluhlongozwayo luka-R44 billion kungenjalo buzochitheka bugayiwe.

Lo mphakathi uthi uma kuze kwashaya umhla ka-3 Disemba nonyaka uNdebele engakawutsheli ukuthi uyaluhoxisa lolu hlelo oluqhamuka nenkampani yaseDubai, iRuwaad, uzovala umgwaqo onguthelawayeka uN2 nomdala u-R102 kungadluli lutho.

Izolo kujame yonke into eMandeni ngesikhathi izinkulungwane zabantu baseMacambini bemashela uNdebele bethi ufuna ukubaphuca umhlaba woyisemkhulu.

Lo mphakathi uphinde wathi ufuna uNdebele ahoxise icala lamademeshe alibeke Inkosi Khayelihle Mathaba lika-R5 million, lapho uNdunankulu ethi inkosi yamhlambalaza ohlelweni loKhozi FM. Ne-SABC iboshwe ngabhande linye nenkosi uMathaba kuleli cala.

Imashi iqale kwaSithebe yayophelela emahhovisi kaMasipala waseMandeni lapho umphakathi ushiye uhla lwezikhalazo obeluqondiswe kuNdebele.

Lolu hla lwezikhalazo lwamukelwe yisikhulu sehhovivi likaNdunankulu, uSolwazi Musa Xulu, ngoLwesihlanu (olwedlule) esaphuma ngesamagundane kule ndawo umphakathi usho ukusidla usifele kade simele ihhovis likaNdebele ukuyozwa izinkinga zalo mphakathi.

UXulu wethembise umphakathi ukuthi uNdebele uzolala eselutholile uhla lwezikhalazo zomphakathi (esho izolo).

Uhla lwezikhalazo lubala ukukhombisa kuka-Ndunankulu ukuzithwala ngokungawazisi umphakathi ngalolu hlelo, ukuhambela kude kwakhe. Umphakathi ufuna uNdunankulu neRuwaad bakhiphe isimemezelo esiphuthumayo sokuhoxisa uhlelo ukuze “abantu baye kuKhisizimusi bekhululekile.”

“Ngemuva kokubheka zonke izinto esesizibalile singakubeka kucace ukuthi uNdunankulu uzama ukuntshontsha umhlaba wabantu baseMacambini ukuze awudayisele abaseDubai ukuze ahlomule,” kusho uhla lwezikhalazo.

Phakathi kwezingqwembe abebeziphethe bekukhona ezithi “Phansi nge-Dubai” noluthi “Awusixege Ndebele.”

Umphakathi bewuthwele nebhokisi lomngcwabo bekhombisa ngalo ukuthi uhlelo lukaNdebele selufile. AMacambi athi awalwi nentuthuko kodwa awafuni ukususwa endaweni yoyisemkhulu.

Ilungu lekomidi lezakhamizi elilwa nokususwa kwabantu ezindaweni zabo iMacambini Anti Removal Committee, uMnuz Khanyisani Shandu, uthe abantu badinwe yisenzo sikaNdebele sokuzama ukubasusa ezindaweni zabo ukuze kwenzeke inzuzo ngomhlaba wabo.

“Silapha ukukhombisa ukucasuka kwethu. Leli zwe ngelobabamkhulu, uma singalidedela isinoma kanjani umlando uyosahlulela kabi. Empeleni akukhona ukuthi asiyifuni intuthuko kodwa silwa nokususwa ezindaweni zethu,” kuchaza uShandu.