Intuthuko vs Ufuduko: Yini umasipala weTheku ephoqa ukuthi imijondolo ukuba ifuduke?

Isibingelelo

Ukuqonda igama ukuthuthukiswa lapho ukhona nelithi ufuduko kanye nemithelela yalo kubalulekile kuyo yonke ingxoxo ngokwenziwa uhulumeni ngemijondolo.kulesiqeshana sizobheka kakhulu umgomo wezezindlu ka 2004, okuyiyona evuna intuthuko kunofuduko.

Amagama:Ukuthuthukiswa la ukhona nokufudulwa uyiswe kwenye indawo

Ukuthuthukiswa kuleyondawo ohlala kuyona,kodwa okuphikisana nokubuyiselwa komuntu obevele ehlala khona(In situ).Lokhu kusho ukwakhelwa lapho ukhona ungafudulwa.In situ up-grading of informal settlement kusho ukuthi imijondolo ithuthukiselwa lapho ikhona ngaphandle kokususa abantu la bekhona.Loluhlelo luvuna luhloniphe izidingo ngqangi zezakhamizizakuleyondawo.Ngokujwayelekile abantu abasuke befuna ukwakhelwa lapho besondelene nezikole, imitholampilo nezinkulisa.Lokhokuyaphoqa ukuthi ukufakwa kwamapayipi amanzi,ukuthuthwa kwendle,kufakwe behleli khona lapho. Kwakhiwe nezitubhe ezisuke zivele zilapho,imijondolo phela.Kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuthi akhelwe lapho ehlala khona,kubalwa neziqashi .kuyenzeka ke uma umntu edliwe umgwaqo noma kunampayipi adinga ukufakwa aqondane nomjondolo waloyo muntu. Ngakho ke kuyenzeka ukuthi i( In-sutu upgrading) ihambisane nokuhambisane nokufudulwa kwabantu kodwa futhi babhekelwe umhlaba khona kuleyondawo ngoba basuke bengasuswa ngempoqo kodwa bedliwe umgaqo.Futhi akufanele bayiswe kude okwedlula amakhilomitha amahlanu ukuqhela endaweni abakuyo.

OKUHLE NGALOLU HLELO

-Aluphazamisi ukufunda kwabantwana ezikoleni.
-Aluphazamisi kulabo abaziphilisa ngokudayisa emgwaqeni.
-Alukuhlukanisi nabangani,izihlobo,nomakhelwane.Kunalokho luthuthukisa izimpilo zabantu.

UKUFUDULWA [RELOCATION]

Kusho ukususwa lapho ukhona uyofakwa endlini kwenye indawo kude nalapho ubuhlala khona.Lokhu kusho ukusuka eduze kwezikole, komakhelwane nezihlobo. Kusho ukuwa kwamabhizinisi kulabo abaziphilisa ngokudayisa emigwaqeni. Kunika abantu ingcindezi enkulu njengokubhekan nekinga yezithuthi. Kumele bgibele ngemali enkulu uma beya ematohweniabo, Baphinde bagibeze nabantwana uma beya ezikoleni abafunda kuzo ngalapho babesuswe khona. Futhi abalindi ukuthi zivalwe izikole.Izimpilo zabantu zicekeleka phansi kube nobubha .abantu bayahakazwa awubekwa eduze komakhelwane obubajwayele,impilo iba nzima ukuqala impilo nabantu ongabajwayele.

Inselelo enkulu ebhekene neziphathimandla zethu ukuthi bangenza kanjani ukuthi abantu abathintekayo ekufulweni baqonde ngaloluhlelo. Yebo abantu abaningi bayavuma ukufudulwa kodwa uma izimpilo zabo zizofike zithole ukuthuthukiswa lapho beyiswa khona. Esikhundleni sokujabulela ukuyiswa emixhasweni baye babe nokwesaba ukuthi izimpilo zabo zizoba njani phambili, ngakho ke benqabe ukufudulwa. Okubuhlungu ukuthi iziphathimandla azinandaba nenselelo nokwesaba kwabantu, basebenzise “IMPOQO” ,ukuze bafudule izakhamuzi.

Ukuthola kabanzi mayelana nomthethosisekelo wezezindlu nokufudukiswa owabekwa ngo 2004 usuka ku1994 kuya ku2004 utholakala ku ( www.housing.gov.za )

Ngaphandle kwezindlu ezakhiwa ngo 2004 okusho ukuthi sekufudukiswe imindeni esifudukisiwe .
Ubudlelwano benziwa obubili obokuqala iNational Housing Subsidy System ihlale idnga ukuthi kufudukwe kungaba ukya kwindawo entsha noma ukuhlala kuyondawo kodwa esizeni esisha

Izindlela okubhekwana ngazo nemijondolo endaweni okuthiwa ayilungele ukuthi kungakhiwa kuyo.

• Ukuthuthukiswa kwezindawo zeRDP ngendlela ekhonekayo.
• Ukubhaliswa kwemindeni yasemijondolo abakufanele ukuthoa izindlu
• Ukususa lemindeni iyiswe ezindaweni ezintsha.
• Ukuxoshwa kwabantu abangafanele ukuxhaswa. Ngaphandle kokubonelelwangezinye izindlela
• Ukudilizwa kwemijondolo nokuzama ukuvimba ukuthi kuphinde kwakhiwe kuleyondawo.

Izindlela zokubhekana nemijondolo emhlabeni okuthiwa ulungele ukwakha

• Ukunikezelwa ebantwini abambalwa.

Uhlelo olusha lokuthuthukiswa kwemijondolo

Lokhu kucashunwe esimisweni esisha sezoxhaso( Breaking New Ground document,p17)

Yini loluhlelo lokuthuthukiswa kwemijondolo

Isizathu silele phakathi kwabo bobabili uhulumeni wesifundazwe sakaZulu nosihlalo bomasipala .imiqulu emisha ikuveza ngokusobala lokhu.

Ngeminingwane bheka iBreaking New Ground –National Elimination Bill-KZN.

I-Intergrated housing Development plan yamasipala weTheku iveza ukuthi ngokusobala ukuthi isasebenza ngohlelo oludala.

Isiphetho

Uma ukuthuthukiswa kwemijondolo ngokohlelo lwe Breaking New Ground .kumele lwenziwe eThekwini noshintsho oluningi kuzomele lwenziwe .okokuqala isimemezelo sikahulumeni wakwaZulu –Natal sesabelozimali kumele sibuyekezwe .Okwesibili umasipala weTheku kumele acacise ngesu lakhe lohlelo nokwabiwa kwezimali ngokweBreaking New Ground.

Kulezidingo ezimbili inhangano enjenga Bahlali akumele ime yodwa.Bonke abasezikhundleni kuhulumeni nabazimele kumele baxhase abantu abasemazingeni aphansi nemibono yabo.