Juba Place Eviction

Ukuhlala emjondolo kubuye kube nobubi kwakho.Abanye abantu bakuthatha njengento engeyona umuntu ngenxa yendawo ohlala kuyona.Abanye bakuthatha njengomuntu onemqondo omfishane,ohlale enza izinto ezimbi.Abanye baye bafune ukuduma emhlabeni besebenzisa igama labantu abampofu abahlala emjondolo.Isibonelol uMasipala weTheku ufudula abantu ubasusa ezindaweni abahlala kuzona emjondolo bese uthi wenzela unyaka ka 2010(wendebe yomhlaba yebhola).Indawo yaseJuba Place ingenye yemjondolo ehlaselwe ilesisihlava. Iyadabukisa into eyenzeka laphaya. Lendawo iyindawo ebisendaweni yaseResevoir Hills ngaphesheya kwaseNewland East.

Kwafika izisebenzi zikaMasipala ngomhlaka 09 November 2006,zathi abantu bazofudulwa.Batshelwa kuthi bazothuthwa ngomhlaka 11 kuyo lenyanga.Bafika ngengempela njengokuthembisa.Badiliza benika izindlu labo abangabanikazi kuphela,bashiya inqwaba yabantu behlezi emnyango. Labo bantu babehlezi nabanikazi laba abanikwa ezabo bona bashiywa ngaphandle.Abanye babo babegadisiwe imizi.Kukho konke ukunikezelwa kwezindlu kuba nenqwaba esala dengwane.NgoMhlaka 11,izisebenzi zikaMasipala zathembisa ukubuya futhi ngoMhlaka 14 kuyo leyonyanga ngoba babengaqedanga ngosuku lokuqala.Abantu ababesele dengwane bathathea izimpahla zabo bazigcina komakhelwane ababengakadilizelwa.Awuqedanga futhi uMasipala wabuya ngoMhlaka 16 no 18.

Abantu abaningi okuhlanganisa ogogo nabantwana basala dengwane lapho.Umasipala wanika abantu usuku loMhlaka 09 ukuthi baphume baphele endaweni.Batshelwa ukuthi uma bengasuki bazothathelwa izimpahla ziyotshingwa edampini. Futhi nendawo bathi izogadwa amaphoyisa.Abantu bazithola bengazi ukuthi benzeni nokuthi baye kuphi.ABAHLALI BASEMJONDOLO MOVEMENT SOUTH AFRICA bafika balalela okwenzekile base bezamela abantu indawo yokuthi bahlale okwesikhashane.Ngenhlanhla indawo yatholwa emjondolo eseduze eMpolweni.Kwayiswa abantu abadala nezingane khona.Kwenziwa nohlu lwabantu abasala dengwane okwenza inani eliyizi-35.Kwavulwa necala enkantolo enkulu yaseThekwini.Konke lokhu kwenziwa ngosizo lwe-Legal Resource Centre(LRC),okuyinhlangano elwela amalungelo abantu ikakhulukazi abahlwempu nesithunzi sabo.

ABAHLALI NO-LRC bathatha lokhu kufudulwa njeng-okuhlukumeza isithunzi sabantu.Umthethosisekelo uthi “Abantu bayabusa”,nokuthi “Umuntu uyokwakhelwa umuzi”Lokho kumele kufezekiswe.Sekujwayelekile ukuthi uMasipala uthi uma uthutha abantu ushiye inqwaba dengwane.Umasipala uhlale uphula umthetho.Kunanomama omdala obenomjondolo wakhe okwathi sekudilizwa wanganikwa owakhe kodwa wanikwa enye intombazane eyayiqashe komunye umjondolo.Kuhlale kuba nalobugebengu njalo uma kukhishwa izindlu.Lowomama kuyimanje akazazi ukuthi ahlale kuphi.Yikho lokhu okwenza ABAHLALI bahlale belwa. Sizokuqeda ukuthuthwa ngenkani nokufudulwa.Sizowuphoqa uMasipala wakhele abantu lapho behlezi khona.Sizowuphoqa futhi ukuthi ulandele umthetho wenze okufanele.Sizowuphoqa futhi ukuthi uMasipala ungakhulumi ngabantu abahlala emjondolo kodwa ukhulume nabo.