NO LAND, NO HOUSE, NO VOTE!
IMASHI EYA-KUMEYA U-OBED MLABA
NGOMHLAKA 14 NOVEMBA 2005
ABAHLALA BASE MJONDOLO BAFUNA IZINDLU!
NINI: Ngehora lesikhombisa ekuseni ngosumbuluka zingu 14 November 2005 (7:00 a.m.)
KUPHI: Siyobuthana ku-Foreman Road bese siqhubekela e- Botha Park kuyilaphoke siyomasha emgwaqeni u West Street siphikelele e City Hall. Simashe.
ISIZATHU: Ukulwela umhlaba nezindlu, izidingonqangi njengamanzi ahlanzekile, ugesi, izindlu zangasese kanye nehholo lomphakathi. Sizophinde siphikisane nesenzo sokukhishwa kwezakhamizi ngendluzula ziyiswa ezabelweni umkhandlu wedolobha. Sizophinda simtshele u Mlaba ukuthi uma ungekho umhlaba edolobheni ngeke nathi sivote.




