Kwanele Ncalane

Isolezwe: Uthuthuva aMacambi evala u-N2

| | | | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4747385

Uthuthuva aMacambi evala u-N2

December 05, 2008 Edition 1

Kwanele Ncalane

KUSUKE esinamathambo izolo amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba ejijimeza umphakathi waseMacambini obuvale umgwaqo onguthelawayeka u-N2 nobubhikishela uhlelo olwathulwa nguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sbu Ndebele, lwenkampani yaseDubai, iRuwaad, lwentuthuko ka-R44 billion.

Amalungu omphakathi amaningi abelimele futhi enezibazi lapho eshaywe khona yizinhlamvu zenjoloba kanti amanye alale ebaliwe njengoba amaphoyisa eveze ukuthi bese kukhona ukucekelwa phansi kwempahla kanti nokuhlangana kwalo mphakathi bekungekho emthethweni.

Isolezwe: Bafuna ukuvikela imijondolo Abahlali

|

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3895535

June 21, 2007 Edition 1

INHLANGANO emele abahlali basezindaweni eziyimijondolo eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMijondolo, isisabise ngokuthi izothathela uHulumeni waKwaZulu-Natal izinyathelo zomthetho uma kuwukuthi namuhla isiShayamthetho sesifundazwe siyawuphasisa umthetho okuhloswe ngawo ukuthi kuqedwe nya ukwakhiwa kwemijondolo.

Izolo le nhlangano uzwakalise ukuthi izophuma nxa zonke ukulwisana nokuphasiswa komthethosivivinyo, i-Elimination and Prevention of the Re-emergence of Slums Bill.

Lo mthetho kulindeleke ukuthi namuhla udingidwe ngamalungu esiShayamthetho, bese uyavotelwa kanti abukeka emaningi amathuba okuthi uphasiswe.

Syndicate content