Mlondi Radebe noKwanele Ncalane

Isolezwe: Imijondolo 'izoba umlando' KwaZulu-Natal

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3897169

ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal sibe ngesokuqala kuleli ukuphasisa umthetho ohlose ukuqeda nya ukuvumbuka kwemijondolo emisha kulesi sifundazwe izolo.

Lo mthetho obizwa ngeKwaZulu-Natal, Elimination and Prevention of Re-emergence of Slums Act, wethulwe phambi kwesiShayamthetho nguNgqongqoshe weZezindlu, uMnuz Mike Mabuyakhulu (osesithombeni). Ugcine ukwazile ukuphasiswa yize izinhlangano zabahlali basemijondolo bezisabise ngokuthi lolu daba zizolufaka enkantolo.

Izolo kuvele ukuthi bangaphezulu kuka-350 000 abantu abahlala emijondolo kulesi sifundazwe, kanti ingxenye yabo yilabo abasedolobheni eThekwini. Kuthiwa laba bantu akufanele bande kulesi sifundazwe, yingakho kufinyelelwe esivumelwaneni sokuthi akuncishiswe ukwanda kwabo.

Syndicate content