S’CELO KHUZWAYO

Isolezwe: AMacambi athi azovala umgwaqo u-N2

| | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4733790

AMacambi athi azovala umgwaqo u-N2

November 27, 2008 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

UMPHAKATHI waseMacambini ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal usunqumele uNdunankulu, uMnuz Sbu Ndebele, ugwayi katiki lapho uthi akahoxise uhlelo lwentuthuko oluhlongozwayo luka-R44 billion kungenjalo buzochitheka bugayiwe.

Lo mphakathi uthi uma kuze kwashaya umhla ka-3 Disemba nonyaka uNdebele engakawutsheli ukuthi uyaluhoxisa lolu hlelo oluqhamuka nenkampani yaseDubai, iRuwaad, uzovala umgwaqo onguthelawayeka uN2 nomdala u-R102 kungadluli lutho.

Isolezwe: I-ANC igxeka abaseMacambini

| | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4728199

I-ANC igxeka abaseMacambini

November 24, 2008 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

INHLANGANO ye-ANC KwaZulu-Natal isigxekile isenzo sokukhonjwa ngenjumbane kwesikhulu esiphezulu ehhovisi likaNdunankulu uMnuz Sbu Ndebele ngesikhathi siyoxoxisana nomphakathi waseMacambini mayelana nezikhalazo zawo ngokuhlo-ngozwa ukususwa endaweni ngenxa yentuthuko ka-R44 billion.

USolwazi Musa Xulu ngoLwesihlanu kubikwa ukuthi ubehambele eMacambini kanti umphakathi kuthiwa ubufuna ukumudla luhlaza ukhala ngokuthi uzodukisa izwe, wathi ufuna uNdebele azifikele mathupha ukuzobonisana nawo.

Isolezwe: Ushe wangqongqa nomjondolo eMlazi

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4054073

September 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

Zilokhu ziqhubeke njalo izigameko zokusha kwabantu nemijondolo eThekwini.

Izolo ekuseni isalukazi sishe sangqongqa esigcemeni sakwa-J eMlazi, eningizimu neTheku.

UNkk Hlaleleni Msomi (64) ushe wangqongqa nomjondolo wakhe ngemuva kokuthi ikhandlela ebelivutha lithungele umlilo kumabonakude kwathungeleka yonke impahla ebisendlini.

Indodakazi yakhe, uNksz Nokubonga Msomi, ithe ngesikhathi liphela ikhandlela kokheleke umabonakude. Ithe ngemuva kokubona ukuthi kuyasha izamile ukukhiphela umabonakude emnyango.

Syndicate content