isiZulu

Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo

|

Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo

NgoLwesibili safaka isicelo enkantolo ephakeme sicela ukuthi inkantolo iveze ukuthi umthetho wesifundazwe sakwa Zulu Natal wokudilizwa kwemijondolo awuhambisani nomthewtho sisekelo wezwe. Namuhla sizwakalisa ukuthi isikhonzi senkantolo sesiwahambisile amaphepha anezethulo zethu kwizikhulu zikahulumeni wesifunda. Iziphakamiso zethu kanye neze sifunda zisezithebeni ukuze izwe lonke lazi ngazo.

Umthetho wokudilizwa kwemijondolo uwukuhlasela abantu abampofu futhi kuthakaselwa kakhulu izinkampani ezidayisa ngemihlaba nakuba abampofu lokhu kubakhalisa. Kucaca ngokusobala ukuthi lomthetho usibuyisela emuva emithethweni yobandlululo njengo (Slums Act sika 1934) kanye nomthetho ka 1951 owawuphikisana nokuhlala endaweni ngaphandle kwemvume. Namuhla sithi emnyangweni wezezindlu akubekhona ingqungquthela ezothanyelwa izinhlangano ezikhethwe ngentando yeningi ezizoxoxisana nohulumeni ngemithetho nezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu. Ngeke sikwamukele ukuthi kulomzabalazo ongaka singaqhubela silawulwe imigomo engasiphumelelisi ndawo.

Isolezwe: 'Sicela uMbeki asiphindisele emakhaya'

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4416740

'Sicela uMbeki asiphindisele emakhaya'

May 23, 2008 Edition 1

GCWALISILE KHANYILE

Laba bantu, iningi labo abadabuka eMozambique bebesho ngazwi linye ukuthi sebefuna ukuphindiselwa emazweni azo ukuze baphephise izimpilo zabo.

Izolo amakhulu ngamakhulu alaba bantu abahlala eMayville naseCato Manor, eThekwini, bebembondelene esiteshini samaphoyisa eCato Manor bephethe ingxenye yezimpahla zabo abangakwazi ukuzilayisha uma kuvela ithuba lokuthi baphindiselwe emazweni abo.

Ukuhlasela abezizwe ngenxa yenzondo.

|

Ukuhlasela abezizwe ngenxa yenzondo.

There is only one human race.

Umuntu ngumuntu noma ngabe izithola ekuyiphi indawo. Uma ngabe uhlala endaweni, ungowalapho endaweni futhi ungumakhelwane nomngani kuleyo ndawo. Simelana nokuhlaselwa, ukushaywa, ukudlwengula kanye nokubulawa kwabantu eGoli kwabantu abaqhamuka kwamanye amazwe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi lokhu akwenzeki lapha Kwa-Zulu Natali.

Asikucacise lokhu. Akukho nokukodwa phakathi kobumpofu noma ucindezelo okunika umuntu ohluphekayo ilungelo lophendukela omunye. Indoda ophendukela umkayo noma umndeni ompofu ophendukela umakhelwane udinga ukuvinjwa nokulethwa emthethweni.

UnFreedom Day Pamphlet

|

Abahlali baseMjondolo held a mass event to mourn UnFreedom Day for third time on 27 April 2008. This year the event was held on the site where the child was killed by the rat in the Kennedy Road settlement in last year. It was attended by Bahlali from across Durban, 'Maritzburg and Pinetown as well as the new Tongaat branch. Three Bishops attended the event and the Sydenham Police also decided to show up....

The press release for the event is here, the powerful speech by Bishop Rubin Philip is here and the pamphlet is » read more | add new comment | 2 attachments

Isolezwe: Luqale phansi uchuku epulazini iNew Venture

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4260406

Luqale phansi uchuku epulazini iNew Venture

Isolezwe
February 18, 2008 Edition 1

PHILI MJOLI

ASIKHO isisombululo sezinkinga ezibhekene nomphakathi waseSibhonsweni, eMelmoth, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ohlala epulazini i-New Venture ngaphandle kokuthi umhlaba walo ubuyiselwe kubantu.

Lokhu kushiwo nguMnuz Sipho Dlamini okhulumela uMnyango wezemiHlaba kulesi sifundazwe ngemuva kokuthi lo mphakathi utshele leli phephandaba ukuthi lo Mnyango uhudula izinyawo ekuxazululeni izinkinga zawo nomnikazi wepulazi.

Isolezwe: Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4260445

Ningizimu Afrika
Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi
Isolezwe
February 18, 2008 Edition 1

PHILI MJOLI

IZAKHAMIZI zasemijondolo yaseThekwini zithi umlilo odlula nemiphefumulo, nezimpahla zazo unganqandeka uma zingafakelwa ugesi emizini yazo njengazo zonke izakhamizi zaleli.

Lokhu kushiwo nguMengameli wenhlangano yabahlala emjondolo kuleli dolobha, Abahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, ngemuva kokusha kwemijondolo engu-45 ekuKennedy Road, okushiye inqwaba ingenayo imipheme yokufihla amakhanda.

Isolezwe: Basale dengwane kusha imijondolo

| |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4185898

Basale dengwane kusha imijondolo

December 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

NGESIKHATHI imindeni eminingi ijabulela ukuhlangana nezihlobo nabangani kugujwa usuku lukaKhisimusi, imindeni engaphezu kuka-200 ibiqhatha usizi ngemuva kokusha kwemijondolo yayo e-Foreman, e-Sydenham, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.

UMnuz S'bu Zikode, wenhlangano yabahlali basemijondolo eThekwini, uthe kukholakala ukuthi lo mlilo oqale ngabo-11 ebusuku uqutshulwe yikhandlela kanti ushe kwacishe kwasa.

"Kunowesifazane okukholakala ukuthi ushiye ikhandlela livutha nokuthe uma esebuya wathola ukuthi umlilo ususha ubuhanguhangu wabe usuthungeleka nakweminye imijondolo," kusho uZikode.

Isolezwe: Basale dengwane bedilizelwa imijondolo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4157969

Basale dengwane bedilizelwa imijondolo

December 04, 2007 Edition 1

PROFFESOR NDAWONDE

Izimvula ezihambisana namakhaza kanye nelanga elikhipha umkhovu etsheni kuphelela ezinganeni ezingaphezulu kwezingu-50 kanye nonina bazo njengoba imijondolo abahlala kuyo eReservoir Hills idilizwe yonke nguMasipala weTheku.

Iningi lemindeni esale dengwane ngenxa yalesi simo yileyo engamalungu enhlangano eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo.

UNksz Thabsile Ndlovu (33) ongunina wezingane ezintathu okukhona kuyo eneminyaka emibili ungomunye wabantu abangase bawudlele esigangeni uKhisimusi njengoba abamele uMasipala beshaya phansi bethi ababafuni kule ndawo.

Uhlu Lokuphakathi

| | |

Amazwi omhumushi

Ibika ngu-Neville Alexander

Onxiwankulu ne-Sigaba Sabasebenzi

Abasebenzi namadlela-ndawonye

Umthapho wezincwadi Zobudlela-ndawonye
nobu-Khomanisi

Imibono yama-Khomansi mayiqhathaniswa
naleyo yezinye Izinhlangano Eziphikisayo

Uhlu lwezincasiselo

Uhlu Lokuphakathi

Amazwi Omhumushi

Baningi abantu abanginike usizo ukuhumusha lomsebenzi, kakhulukazi ngibonga lamaqabane: Steve, Veli, Salim, Patrick, Lenore, Jane, Neville kanye namanye amalunga we-WOSA afake isandla ukuze lomsebenzi uphethwe.

Ngibonge futhi amaqabane ase-Swideni: Carina, Linn, Peter.
Ngithemba ukuthi lomsebenzi esiwuqalile uzongenelwa iningi

Syndicate content