BAWINILE NGCOBO

Isolezwe: Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

| | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4700564

Lusezithebeni zenkantolo elokuqedwa kwemijondolo

November 07, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUZOQHUBEKA namuhla enkantolo enkulu yaseThekwini ukulalelwa kwesicelo sokuthi kusulwe umthetho wokuqeda imijondolo kwaZulu Natal, i-Slums Act.

Lesi sicelo sifakwe yinhla-ngano eyaziwa ngokuthi Abahlali Basemjondolo kanti ukulalelwa kwaso kuqale izolo. Abantu abahlala ezindaweni eziyimijondolo ngaphansi kwale nhlangano bebegcwele ngaphandle kwenkantolo becula amaculo omzabalazo bezokweseka abameli babo.

Isolezwe: Babhikishile abadilizelwe imijondolo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4675234

Babhikishile abadilizelwe imijondolo

October 23, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BANCAMELE ukulova emsebenzini izolo abantu abaqashile emijondolo yase-Bottle Brush eMoorton, eChatsworth, bagcwala umgwaqo babhikisha bekhala ngokuba ngumtshingo ubethwa ngubani njengoba kudilizwa imijondolo abaqashe kuyo.

Lo mphakathi obungaphezu kwenkulungwane uhlanganele ehholo lendawo ufuna abaholi bophiko lwezindlu kuMasipala weTheku ukuthi bazothatha uhla lwezikhalo zabo.

Isolezwe: Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

| | | | | | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4612884

Bebesho ukubakhipha ngodli ezindlini zomxhaso

September 16, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

KUSHUBE isimo eSiyanda, KwaMashu, eThekwini, izolo ngesikhathi abantu abahlala emijondolo yakule ndawo besho ukukhipha ngenkani abantu abebezofakwa ezindlini zomxhaso eziseKhulula ngase-Newlands West.

Amalungu omphakathi abedinwe eveva, ekhuza iziqubulo ezikhombisa ukungahambisani nokufakwa kwalaba bantu ezindlini, bebebabaza ukuthi bona namanje basahlala emijondolo, basalindile kodwa kukhona asebethola izindlu.

Isolezwe: Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

| | |

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4552960

Umunyu kuthunwa abahlanu abafa ngomlilo

August 11, 2008 Edition 1

BAWINILE NGCOBO

BEKUWUSIZI lodwa ehholo lase-Cato Crest, eThekwini ngoMgqibelo, enkonzweni yokufihla amalungu amahlanu omndeni wakwaMaqhasha owabhubha ngesonto eledlule ngesikhathi umlilo ungqongqisa umjondolo wabo.

Kulesi sehlakalo kwaphinde kwashona owesifazane kanye nengane yakhe ababevakashile.

Amalungu omndeni wakwaMaqhasha ashona kubalwa uLuvuyo (14), uNoluthando (9), uMfundo (24), uPhezile (20) obenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe noSphelele (2) nababevakashile uZo Dlamini (31) nengane yakhe enezinyanga eziyisikhombisa.

Syndicate content