http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4747385
Uthuthuva aMacambi evala u-N2
December 05, 2008 Edition 1
Kwanele Ncalane
KUSUKE esinamathambo izolo amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba ejijimeza umphakathi waseMacambini obuvale umgwaqo onguthelawayeka u-N2 nobubhikishela uhlelo olwathulwa nguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sbu Ndebele, lwenkampani yaseDubai, iRuwaad, lwentuthuko ka-R44 billion.
Amalungu omphakathi amaningi abelimele futhi enezibazi lapho eshaywe khona yizinhlamvu zenjoloba kanti amanye alale ebaliwe njengoba amaphoyisa eveze ukuthi bese kukhona ukucekelwa phansi kwempahla kanti nokuhlangana kwalo mphakathi bekungekho emthethweni.
